Imfundo Yengqikithi yezenhlalonhle ihlose ukunikeza wonke ama-ofisa asenkantolo ulwazi oludingekayo kanye nokuqonda ukujabulela imibono yabanye kanye nezimo zabo ezehlukile ukuze izinqubo zabo zibe ngezilungile futhi zifanele umphakathi esihlala kuwo.
Izinkolelo ezithile zifaka ukulinganiswa kwesici esithile umuntu anaso ngokusiqhathanisa nokufunekayo noma okungafuneki kweqembu elithile.
Angiphakamisi ukuthi abantu benza ngabomu ukusebenzisa izinkolelo ezithile ezingafanele Kodwa ngokuyiqiniso, izinkolelo ezithile zobuhlanga nobulili zikhona, ezingqondweni zethu, zizaliswe izimo zenhlalonhle futhi zigqugquzelwa ngamasiko kanye nezinsiza kuxhumana ezidumile. Kwesinye isikhathi zigxiliswe kuzikhungo zethu. Sithanda ukuzamukela njengeziyiqiniso. Uma sibhekene nenkinga, sisebenzisa loku ngokuzenzakalelayo ngoba kuyimvelo futhi kulula - kulula kakhulu kunokuhlolisisa inkinga ngokwempela ukuze sifinyelele esiphethweni esinomqondo ngenqubo yomqondo kanye nokulalela kanye nokuhlola.
Ukufana ngaphakathi kweqembu nokwehluka ngaphakathi kwamaqembu kwenziwa ihaba noma kuyagcizelelwa.
Isenzo sokubheka amalungu weqembu langaphandle njengelifana kakhulu noma njengelifanayo kunamalungu eqebu langaphakathi.
Izingcwaningo zeSayensi zibonise "isimo esijwayelekile sokugcwala yonke indawo sokuthatha abesilisa njengabakholekayo kunabesifazane".
Enkantolo, ukukholeka kuyimpahla esemqoka kakhulu okungabakhona emuntwini, noma umuntu enegunya loku ngummeli, ufakazi, obangayo, ofake isikhalazo noma onecala, kanye nanjengomphumela, lolu hlobo lokubandlulula lungaba ngokuchithakalayo kumphumela wabo neqiniso.
Ngokufanayo amajaji bangaba nokungaqapheli ububanzi obukholekayo obungabhekelwa phansi isenzo esingekho semqoka sokubiza (abantu abathile) ngamagama abo, noma esebenzisa amagama aqukethe uthando.
Ukubandlulula kungasebenza ngokuphathelene nanoma yiliphi iqembu, kodwa ngokuhambisana nomqondo wesifanekiso " ukwehluka" kakhulu kodaba noma umuntu kuselwazini ngempilo kowenza isinqumo, kulapho kuzokwenzeka khona ukuthi ezinye izinhlobo zisetshenziswe.
Nalu uhlu lwezindlela zokulalela ezisezingeni eliphansi kanye neziphakamiso ezithile zokuthi lezi zindlela zingalungiswa kanjani.
Ukulalela Okubakhona kuphinde kungabikhona: Le ndlela engakwazeki ivela ephuzwini lokuthi abantu abaningi bacabange kuze kube kane ukwedlula ukukhuluma komuntu ojwayelekile. Ngakho-ke olalele unamakwata amathathu eminithi esikhathini kuminithi ngalinye lokulalela. Kwesinye isikhathi olalele usebenzisa lesi sikhathi esengeziwe ukucabanga ngezindaba zakhe, iminako nezinkinga kunokuthi alalele, ukuhambisana kanye nokufingqa okumele kushiwo ngokhulumayo.
Ukulalela Kwefulegi Ebomvu: Kwabanye abantu amagama afana nesaga sefulegi elibomvu lenkunzi. Uma sikuzwa loku siyathukuthela siyeke ukulalela. Lawa magama ayehluka kunhlangano ngayinye. Kwabanye abantu amagama afana namaphekula zikhuni, ukuvuleleka, intsha yamanje njll yizimpawu esiphendulela kuzo ngokuzenzakalelayo. Uma kuvela izimpawu, senza ukuthi okhulumayo. Silahlekelwa ukuxhumana naye bese sehluleka ukuthuthukisa nokuqonda akushoyo.
Ukulalela ngokuvula izindlebe nokuvala umqondo: Kwesinye isikhathi sithatha isinqumo ngokushesha ukuthi umlaleli noma okhulumayo unikeza isithukuthezi, nokuthi okushiwoyo akwenzi mqondo. Esikhathini esiningi sithatha isinqumo sokuthi singaphakamisa esikwaziyo noma azokusho - nokuthi athathe isinqumo sokuthi asikho isizathu sokulalela ngoba akukho okusha okuzoshiwo. Kungcono ukulalela nokuthola ngokweqiniso ukuthi loku kuyiqiniso noma cha.
Ukulalela ngamehlo asangilazi: Kwesinye isikhathi sibheka umuntu ngokuqondile kube ngathi silalele nanoma izingqondo zethu zikwezinye izinto noma ezindaweni ezikude. Siwela endaweni esiphatha kahle yemicabango yethu. Imibono yamehlo asangilazi (uma kungeyona eyamaphupho) ibonakala ebusweni bethu. Singakwazi ukusho uma abantu besibheka ngale ndlela. Ngokufanayo nabo bangabona okufanayo kithi - asenze noma yimuphi umuntu isilima. Dlulisela ukuphupha emini kuye kwesinye isikhathi.
Ukulalela okujule kakhulu kimina: Uma silalele imiqondo edidayo nenzima kakhulu kumele siziphoqelele ukuba silandele ingxoxo sense umzamo wangempela ukuthi siqonde. Kungenzeka ukuthi sithole okhulumayo kanye nokukhulunywa ngako kujabulisa uma silalela siqonda ukuthi uthini.
Ukulalela okumaqondana nendaba engaphezu komqondo: Abaningi bethu abafuni ukuba imibono yezilwane ezingabangane, ukubandlulula kanye nemiqondo nezahlulelelo zethu zifakwe inselele. Ngalokho-ke uma okhulumayo esho into ephikisana naloku esikucabangayo, esikholelwa kuko kanye nesikugcinayo - ngaloku sivele siyeke ukulalela noma sizame ukuzivikela ngokuthi siqale ukulungiselela ukuhlasela okuphikisayo. Noma ngabe sifuna ukwenza loku, kungcono ukuthola ukuthi ucabangani, sithole elinye icala lombuzo ukuze senze umsebenzi ongcono wokuqonda nokuphendula.
uma bekhuluma ngazo sifuna bazame ukubona izimbangela nezizathu zezinkinga zabo bese bezama ukubona ukuthi yini engenziwa ngazo.
sibonise ukunaka simqondisise omunye umuntu sibonise ukukhathalela kanye nokuqonda sikhiphe inkinga uma ngabe ikhona, silalele ukuthola izimbangela zenkinga sisize okhulumayo ukuthi ahambise inkinga nembangela ukugqugquzela okhulumayo ukuthi athuthukise ukwazi ukwenza kanye nokumgqugquzela ukuxazulula izinkinga zakhe sifunde ukuthula uma ukuthula kudingeka. Abantu abanempumelelo kwesinye isikhathi bayazi ukuthi kumele bathule nini bese begcina ukweleulekwa kwabo.
ukuphikisa ukuthikameza ukunikeza isehlulelo ngokushesha nangaphambi kwesikhathi ukunikeza iseluleko.
Siphila nezinkinga ezinzima eziningi ezibandakanya abantu nezimo. Isidingo sokulalela ukuze uqonde sisemqoka kakhulu.
Sicabanga ukuthi siyabaqonda abantu uma singabalaleli.
Sicabanga ukuthi siqonda isimo uma sibona kuphela ingxenye yesimo sisizwe kancane kuphela.
Sicabanga ukuthi siyaziqonda izinkinga zabantu uma nje sinolwazi oluphezulu nezimpawu zalo nokufaneleka, kanti empeleni sizawube sibhekene nezimpawu hhayi izimbangela.
Kumele sibone ukuthi ukulalela into esemqoka olwazini nasekuqondeni.
LONA OMUNYE UMUNTU UBEKA ISINYATHELO. Ubavumela ukuthi bakuhole engxoxweni, Awubasunduzi ngokushesha okweqa abafuna ukuhamba ngako. Loku kuxhumanisa inhlonipho kwakhe nokwethembana.
LONA OMUNYE UMUNTU UKHULULEKILE UKUBA NGOWEMVELO. Leli yithuba elingajwayelekile kubantu abaningi futhi bazakuthatha ithuba layo ngokuzithoba nokuziphatha ngezindlela ezijwayeleke ngempela kanye naloliwe kubo. Uma ubonisa ukuthi ungathenjwa, abanye bazizwa bekhululekile ukutshela ngezinhlungu zabo, izimfihlo kanye nokuzimisela. Umphumela ukuthi - ukwazi ukubazi kangcono.
ABANYE ABANTU BAHLAZIYA INKINGA. Ukulalela okusebenzayo kusiza abantu ukuthi babhekana nabakukhathalelayo kanye nezinkinga. Bangaletha isimo ukuthi sibhekwe ngqo, siqondakale kangcono, bese bechaza inkinga ngokucacile nangokufanele.
OMUNYE UMUNTU UHLAZIYA INKINGA. Uma ubhekana nemizwa yabo bese ubasiza ukucacisa leyo mizwa, kubasiza ukuba bathole leyo mizwa iphume kuhlelo lwabo. Bazizwa bephungule izinkinga ezibasindayo 'ngokukhuluma ngazo kalula nje.
OMUNYE UMUNTU UTHOLA UKUZIQONDA OKWENGEZIWE. Esibukweni ubona izinto eziphathelene nesethi yakho yobuntu okungenzeka zingabonakali. Ngokufanayo, ukulalela okusebenzayo kusebenza njengesibuko lapho abantu bangakwazi ukubona ukuziphatha kanye nezimo ngokuphelela okukhulu. Loku kubasiza ukuthi baziqonde kangcono futhi kubaphoqelela ukuthi bathathe izinqumo zokuthi bayazithanda noma cha ngendlela abangayo, noma bafuna ukushintshana.
IKUGCINA UNGEKHO ENKINGENI. Ukulalela okusebenzayo kukuvikela ukuba uphoqelele umbono wakho noma ukuqonda izinkinga noma ukwenza okuthile okubuhlungu. Okuzwisa ubuhlungu noma okumshayo komunye umuntu.
UKULALELA NGOKUSEBENZAYO UKUNIKEZA OKUTHILE UKUBA YIGUGU. Ukulalela okusebenzayo ngumsebenzi onzima futhi omunye umuntu uyakwazi loku. Uma ulalela ngokusebenzayo, wenza ubufakazi komunye umuntu ukuthi uyanaka.
Ukusuka ocwaningweni lwezinkolelo ezithile kucacile ukuthi sonke sithola futhi sisebenzise izinkolelo ezithile. Izinkolelo ezithile zibandakanya ukuxhumanisa nesici esithile somuntu othile esinokufunekayo noma (kwesinye isikhathi) izinhlangano ezingafuneki noma ukwahlulelwa kokuyigugu okuphathelene neqembu. Wuhlobo lokuhlukaniswa ngezenhlalonhle, indlela esheshayo, evilaphayo noma indlela yesandla esifushane yokuhlela imibono ngabantu. Kulula kakhulu ukuseebnzisa ngokungabi namqondo kumaqembu kunokwenza inkinga yokubonisa nokulwa nokuqondene nokusaba abezizwe nokuziphatha ngaphakathi komuntu, Kulula ukufuna isiqinisekiso sokumisa izimo zengqondo kanye nokwenza imizamo yokuqondana ngokuphambanayo kunokuba khona kwamandla ezinkolelo ezithile. Njengejaji u-B.
Angisho ukuthi abantu bathatha izinqumo ngokuzenzakalayo zezinkolelo ezithile ngokungafanele Izinkolelo ezithile zobuhlanga nezocansi zikhona, emiqondweni yethu, ezizalwe yizimo zenhlalonhle futhi zigqugquzelwa wusikompilo kanye nezinsiza. Kwesinye isikhathi zifakelwe kuzikhungo zethu. Siyaye sethembe ukuyivuma njengeyiqiniso.
Kunikezwa izinhlobo zokwehluka eNingizimu Afrika, uma kunikezwa okushiyelwe ngomunye umbuso ayephoqelelwa ukubandlulula ngokohlanga kanye nobulili, kunikezwe amaqembu amaningi avinjelwe ukwazi bese ahlale nomunye njengokwehluleka esicabanga ngayo, akumangazi ukuthi imiqondo ehlukile ijwayelekile.
Isimiso sokwazisa nokujwayelekile kokubili kuyincazelo yokuningi kokuziphatha kanye nokwandisa kwenqubo ebandakanya ngokuphathelene nomqondo owehlukile. Ngokuphathelene nomqondo wesayikholoji, osesiqwini somqondo owehlukile ukubonisa amaqembu okungena nokuphuma emphakathini. Ngokushesha nje amazinga amaqembu inikezwe noma yabelwe kumithetho ethi yezengqondo nezenhlalonhle ezisebenzayo ukubusa inqubo yezinhlobo zenhlalonhle.
Iyisimiso sokugcizelela, lapho ukufana ngaphakathi kweqembu kanye nokwehluka ngaphakathi kwamaqembu kwenziwe ihaba isib.
Ukubandlulula okufanayo kweqembu langaphandle, noma indlela yokubheka amalungu amaqembu angaphandle ngokufanayo kakhulu nomangokufanayo kunamaqembu angaphakathiisib.
Iqembu langaphakathi / nelangaphandle ukubandlulula okunzima, noma nokwehlukile kuneqembu langaphandle isib.
Iqembu langaphakathi / nelangaphandle elibandlulula kakhulu, noma ukwenza ukwahlulela okukhulu ngokuphathelene namalungu eqembu langaphandle isib.
Umthetho wezinombolo ezincane noma isimo sokwenza iziphetho ngeqembu kwesekwa ngamasampula amancane omuntu (isib. Iphuzu lokuthi inani elincane labasebenzi basezindlini bayabantshontshela abasebenza kubo ekutheni abasebenzi abaningi basemakhishini bayatshontsha).
Engqikithini yaseNingizimu Afrika, lapho iqembu lokuhlela okwesekwe eqenjini bafakwe emthethweni baba nemiphumela emibi ngokuphathelene nokufinyelela imithombo kanye nezimo, ukuziphatha okujwayelekile kokucabanga ngokuphathelene namaqembu angaphakathi nawangaphandle ifakwe kakhulu. Akunamqondo ukulindela ukuthi noma yimuphi wethu okhulile waba mdala ngaphansi kobandlululo uzakwehla ngesithunzi, nanoma loku kungenzeka kuzingane zethu. Kodwa inselele ukuthi ninake kakhulu ukuziphatha kokubandlulula bese wenza ngokubhekela ukugcinwa kwazo.
Nanoma ukuzimisela kokulwisana nalesi simo kukhona ukubona nokujwayelekile kuyinselele kithi, ngumsebenzi ongcwelisiwe kulabo abasesikhundleni sokuphatha. Lapho isinqumo sakho singathelela impilo yakho yonke somuntu oza ngaphambi kwakho, kusemqoka kakhulu ukuthi uqaphe izehlakalo zokubandlulula kanye nokuzimisela kumisebenzi elwisana nokubandlulula. Ulwazi lwezindlela lapho ukwenza kokubonisa noma kwenziwa ngosizo olukhulu ngalo mzamo.
Ingqikithi yezomthetho ephambana ngokwesiko azilona iqiniso nezinkinga ezivela kusikompilo kanye nokungenalutho kwemisho echazwa njengekho olimini olulodwa lwegama elilodwa elifana nelikhethiwe elitholwa kwelinye' (uDagut, ucashunwe ku-Kashula, 1995: 92) Okungenalutho okunje kwenzeka ngokuhambisana netheminoloji yomthetho, nezenzo ezithile zosiko kanye nokwehluka kokushiwo ngaphakathi kwezinhlelo zolimi ezifanayo. Inkinga ebhangqwayo eyomlando kanye nokwenzekayo okuqhubekayo kokusebenza ngolimi olulodwa kanye nesiko elilodwa njengokujwayelekile kunoma yisiphi isimo sezomthetho. Ngakho-ke , ngesibonelo, i-ofisa yomthetho ingafuna amagama afanayo esiXhosa 'okugcina' noma 'ukuthola' ngoba loku kuyaqondwa esiNgisini kanye nakumasiko e-Anglo-Saxon. Ngokuyiqiniso okuyiyona ndlela eya kumagama aqhathaniswayo azakuba ukufunwa ngaphakathi kwesiXhosa kanye nemindeni yama-Anglo-Saxon akuzinhlelo kanye nezibopho ezihlobene ezijwayelekile.
Ezokhwakhiwa kolimi zikhombisa ekwakhiweni kolimi kanye nasekwehlukeni kwezesiko kusizinda sezomthetho, isibonelo, ubuhlobo, umbala wetheminoloji, okubi nenkulumo ephezulu, izinhlelo zokubiza, iziboniso zezikhathi, ubulili, izehlakalo nezenzo zenhlalonhle. Ukuzimisela kuzenzo ezingabandlulile kudinga izinyathelo ezisebenzayo ezinhle ukuthola okungenani izinga lolowazi kanye nokuqonda ukwehluka okunje. Ukusetshenziswa 'kwamaciko' ngaphakathi ngaphandle kwenkantolo kuzosiza kuloku bkodwa kunamandla kakhulu kanye nokuphumelelisa ukwazi ukuzimela ukuthola izici 'sezinye' ngokuhambisana nokusebenza ngqo. Loku kusebenza kungenzeka ukuthi kube yingxenye yokuba sekholishi kweprofeshini yethu.
Kusobala nje ukuthi ukubandlulula kweyeme kukunganaki. Uma abantu sebaziwa yithi, balahlekelwa ngamandla okudubula ulwazi lokuzonda abezizwe. Ukungazi okwesabekayo kuyazeka kancane, okujwayelekile ekugcineni okuba ngokwaziwayo - esingahambisana nako. Ukuya ezingeni elinomqondo kakhulu, ukungazi okunikeza ubandlululo kusho kuphela ukufa kolwazi lobuntu kodwa nokungabi nalo ulwazi (noma ukunikezwa ulwazi olungafanele) ngokuphathelene nezimo'zabanye'. Lapho kungekho khona ulwazi oluqondile kanye nakusizinda sezomthetho esingagqugquzeli indlela eyingqikithi noma enozwelo, izinqumo zomthetho zingaqhubekisa ubulungisa obungalingani besakhiwo nezinhlelo.
Kungenzeka ukuthi ubulungisa bube nomphumela wesinqumo sezomthetho esithelelwa amandla okuthelela okwezomnotho nezemnhlalonhle. Umantshi wezinga eliphakathi nendawo wesilisa njengesibonel;o, kuzomele enze umzamo wokuthola umqondo othile wokuthi I-oda yemali yesodlo ephunguliwe ezawuba nomthelela ekhaya lapho umama eyinhloko emaphandleni lapho kungekho zinsiza eziyisisekelo. Ukucwaninga ngokuphathelene nobudlova maqondana nabesifazane emphakathini, amazinga okutheleleka nge-HIV noma amazinga okuntuleka kwemisebenzi angezinye zezibonelo zolwazi ezingaba semqoka ekuthatheni izinqumo sezomthetho. Ngokuphathelene nokuthatha isinqumo kumacala obuningi bokumosa, kukhona ukungabi nolwazi ngokuphathelene nokumele kukhokhelelwe umama ekhaya, njengesibonelo. Kukhona nokungazi ngokuphathel;ene nezindaba ezicacile zobulili ezibulalayo ezifana nokuhlukunyezwa ngokocansi. Kukhona futhi ukunganaki ngokuphathelene Nesifo Sokushaya Abesifazane, Isifo Sokuhlukumeza Ngokocansi, ukwethembeka kobufakazi kwabahlushiwe bokuhlukunyezwa ngokocansi kwezingane, namaphrofayili abahlukumeza izingane ngokocansi. Amajaji angakwazi ukusebenza maqondana nokubandlululwa ngokwazisa okusebenzayo kanye nokulungisa izikhala zolwazi ezifanele.
Ngokomseebnzi waseMelika wamandla atholakele ngokuphathelene nokubandlulula kwezomthetho, izingcwaningo zesayensi zibonise' ukwenza okuphikisayo okuphathelene nokuthi abesilisa bathembeke ukwedlula abesifazane'. Loku kwenza okungamisiwe kwenziwe kwacaca ku-Sharian, umthetho osetshenziswa kuzizwe zama-Islam, lapho ubufakazi obunikezwa ngamadoda bubanamandla ngokuphindwe kabili kunaloko kwabesifazane. U-Wiklet ubona: 'Izingcwaningo zibonisa njalo ukuthi ubulungu bomuntu kumaqembu ezimo ezithile, ezifana neminyaka yobudala, ubuhlanga noma ubulili, zithelele ukuthi lowo muntu othenjwayo ahlolwe ngabanye' Ucwaningo olubanzi lwenziwe 'ngesikhala sokwethembeka sobulili' kweminye imikhawulo. ENingizimu Afrika kufakwe ukungathembeki kwanatu abanSundu ikakhulukazi abesifazane abaNsundu, kuvunywe kakhulu kwaze kwafika kusaziso sezomthetho. Ukwethembeka kweyeme kuzimpawu ezinzima ezehlukene, ezifaka ezomnotho, ezenhlalonhle, amandla omzimba nokwakhaphakathi, ezesayikholoji nezesosiyoloji; izindlela zokukhuluma namaphimbo; ulimi lomzimba kanye nokucacile kosikompilo okufana nokuphendulela ukuphendula okuphambanayo noma okunzima ekukhulumeni ngezindaba zocansi ngaphambi kwabesilisa singabazi, noma ukwenza okuyihaba ngokuphathelene nezindaba zokufa nabafayo. Kukhona futhi 'ukusebenzisana okuhlangene' kokwethembeka okuhambisana nokuhlbana phakathi kwabantu ababili lapho kunokuthembeka. Ngokuphathelene naloku uWikler (1987:234) uthi' amajaji kungenzeka bangabi nalwazi ngokwethembeka okungenzeka kucekelwe phansi ngenxa yokuthi umuntu ebizwa ngegama noma ngegama lothando.
Abesifazane bavumela ukudlwengulwa ngokushesha kunabesifazane abamhlophe S v M 1965 4 SA 577NDP; R v A 1952 30 SA 212: ' Manje nina manene akulenkantolo anolwazi niyazi ukuthi kuyenzeka uma okhalazayo ecaleni elinje kungowesifazane Omnyama, ukuthi uma nje bembamab uyazinikela.
Abamnyama bakwazi ukubona abantu kangcono ebumnyameni kunabelungu (R v Tusini 1953 SA 406 (A): ' Kuyazeka kule Nkantolo ukuthi Abamnyama bayakwazi futhi babonisa abantu ababziyo ebumnyameni lobo Abamhlophe abazohluleka ukubona kubo'.
Ukubandlulula komthetho kungasebenza kunoma yiliphi iqembu kodwa uma 'kunokwehluka' kwendaba noma umuntu ngokuphathelene nolwazi lwezempilo kowenza isinqumo, kungenzeka ukuthi loko kubandlulula kusetshenziswe. 'Ukwehluka' okusemqoka kwamandla (kanye nokubandlulula) wubulili, ubuhlanga, imiyaka yobudala, okuhambisana nezobulili, ikilasi - kanye nakakhulukazi, ukuhangana kwalesi sinhlobo, isibonelo, igeyi emnyama yowesifazane ehlala endaweni yabahluphekayo.
Kubonakala sengathi ukwengeza kuloku kukhona 'ukuphakama kokucindezelwa' akukho. Ukuya ngo-Johnson kanye no-Knapp (1971:692), 'amajaji aye njengeqembu aba nokuqhubekayo ekuzikhululeni kukubandlulula kobuhlanga kanye nokubandlulula kwezobulili'. Baye bqaphela ukuthi 'kusizukulwane samanje samajaji kungaba lula ukuqalisa okucatshwangwayo kwezimpo zengqondo zabesilisa abamnyama, kwanoma yisiphi isiteshi sempilo, okungakwazi ukucatshangwa njengokunempumelelo kunokukodwa okungowesifazane (nemhlophe ekukilasi eliphakathi)' (kucashunwe ngu Wikler, 1987).
U-Wikler uphakamisa isizathui saloku: ' Sifunda ukuzicabangela njengabesilisa noma besifazane ngaphambi kokuba sifunde ukuzazi njengabamhlophe noma abamnyama, kanye nenqubo yojufunda ukususa amakhasi ethu obandlululo kulandela ngendlela ayebekwe ngayo phansi.
Kuzakuba yinto eyize nokwenza okungenamphumela ukubheka ukuthi ukubandlulula ngokohlanga nangokobulili kujwayelekile yini emphakathini wethu kanye nakuzinkantolo zethu. Kulingene nje ukusho ukuthi kunesidingo sokuthi izinhlono zokubandlulula ezakhe ingalo yokusebenza yobulungisa obugxiliswe kumthetho wethu osabizo ovela ezikhathini zabaseRoma kuze kube manje, besi sifune nokuzengamela. Ukwazisa kwezithathi zinqumo ezinje kwezomthetho zamanje ezingabakhona yingxenye engumnyombo yokubuyekeza ezokuthengisa umthetho wesikhathi esizayo kanye nesizwe oyeme kuwo.
Leli phepha lemibuzo lizokusiza ukuthi ubone amakhono akho okulalela.
Phendula umbuzo osezansi ngokuyiqiniso ngokuphelele, uqalisa ngojwayele ukukwenza.
Uma usuqedile ukuphendula iphepha lakho le mibuzo hlolisisa imithombo yakho.
Ukubuza imibuzo uma ngingaqondi okushiwoyo.
Ngenze ukwahlulela kokushiwo ngokhulumayo, hhayi ukuthi bangobani nokuthi babonakala benjani.
Ukulalela ukuthi umuntu uthini kanye nethoni yephimbo abalisebenzisayo ukuyisho.
Cabanga ngokuxhumana obe nako nomunye ongazange akulalele noma azame ukuqonda ukuthi yini okwakumqoka kuwe. Wazizwa unjani?
Leli cala lalethwa enkantolo ngomhla ka-14 kuJuni ka-2004 (ngokade ekhalaza) u-Sylvia wama-41. Waqala wathi uze enkantolo ukuzobambisa 'motho o ke dulang le yena (umuntu engihlala naye). Umgcinisihlalo wambuza ukuthi ukuthi loyo muntu kungabe kwakungu 'Mokgalabja' (umyeni). Wavuma. Okhalazayo waqhubeka wathi uzobambisa le ndaoda ngoba ayifuni ukuhamba emzini wakhe. Umgcinisihlalo wangenela kulesi sikhathi ukuchaza ukuthi inkantolo yayingabhekana naleli cala ngalesi sikhathi ngakho-ke kwakungadingeki mininingwane. Umgcinisihlalo wabuza nokuthi le nkinga seyike yabhekwa yini ekhaya ngabomndeni kanye nomakhelwane, okhalazayo wavuma kuloku wengeza nokuthi (izihlobo nomakhelwane) batshela omangalelwayo (indoda) ukuthi ashiye ikhaya.
Umphathibandla Oyinhloko wangenela wabuza ukuthi: "Yini ngempela inkinga lapho" Ummangali wachaza ukuthi inkinga iqale ngoba ummangalelwa ethole isiza esisha sakhe manje usefuna ukuhamba. Kodwa ummangalelwa ufuna ukuthatha izinto zokwakha emkhukhwini akade behlala kuwo bobili. Ngaleso sikhathi wayesethethe amazenke ayisikhombisa. Loku kwakumele inkantolo izwele ummangali kuko?
Omunye weziphathi bandla wabuza umbuzo olandelayo: "Nishadile yini" Ummangali wachaza ukuthi abashadanga kodwa babehlalisana. Kuloku kwaba nokuhlokoma kokungavumi kumalungu enkantolo nomgcinisihlalo wenkantolo owachaza ukuthi ababhekani nama " vat en sit"(ukukipita - abantu abahlala bobabili bengashadile). Emva kokusho lokhu umgcinisihlalo wathanda ukwazi ukuthi isiza esikabani ummangali wachaza ukuthi ngesakhe. Umgcinisihlalo wathanda ukwazi ukuthi amazenke athathwe mgumangalelwa ngakabani. Ummangali wachaza ukuthi amazenke ngawommangalelwa. Umbuzo wokulandelisa kuloku wawuthi: " Uma ngabe athatha amzenke okungowakhe, yini inkinga yakho" Ummangali wachaza ukuthi akezanga ukuzobika ukuthatha kwakhe amazenke kodwa uzobika ukuthi ummangalelwa uma ethatha amazenke wamthuka naye. Inkantolo yathatha isinqumo sokuthi ummangalelwa abizwe ukuze azophendula imibuzo ngokuthukana. Incwadi yakhishwa, ibiza ummangalelwa ukuthi eze enkantolo?
Leli cala lalibandakanya umnumzane nenkosikazi, u-James no-Winnie, futhi leza ngqo enkantolo yenduna ngoba lalingaweli ngaphansi kwanoma yisiphi isiphathimandla esiyinduna. lama-42.
Lenzeka ekuseni ngomhla ka-17 kuJuni ka-2004 Kusiphathimandla Sesintu sase-Mokopane ngaphambi kwenkantolo yesintu equkethe ibandla lobukhosi. Laba ababili yibo kuphela abantu ababekhona ehholweni bebhekene nebandla, ngaphandle kwabacwaningi ababili.
Isiphathi bandla Esiyinhlokop sababuza ukuthi ngobani ofakazi babo. Ummangali (unkosikazi) ukuthi udadewabo kanye nobabekazi wommangalelwa(umyeni) kwakuyibona ofakazi. Waqhubeka wachaza ukuthi usisi kumele ukuba wayesefikile kodwa wayemangala ukuthi kungani engakafiki enkantolo. Ubabekazi wommangalelwa wachaza ukuthi uyagula, futhi akalindelekile ukuthi abe khona. Isiphathi bandla esiyinhloko sachaza ukuthi kuzokuba nzima ukuqhubeka ngecala elingenabo ofakazi.
Umgcinisihlalo webandla kanye nabanye abangamabandla baqala ukuxoxisana. Umgcini sihlalo webandla wabonisa ukuthi icala kumele liqhubeke noma ofakazi bengekho, kuzokuthi uma kubonakala ukuthi ofakazi bayadingeka le ndaba izakubekelwa isikhathi esizayo. Umgcinisihlalo webandla wkhuluma ngokungabi namdlandla ekubhekaneni naleli cala elinabammangali ababili okungekho fakazi kubo ngoba " Bona bobabili babengeke bazwane ngalutho. Bazophikisana" Emva kokusho loku, kodwa wabuza abantu ababili ummangali nommangalelwa ukuthi bayafuna yini ukuqhubeka necala noma ofakazi bengekho. Bobabili bathi bafuma ukuqhubeka. Umphathi bandla oyinhloko wanikeza umyalelo wokuthi asukume. Wasukuma nesiphathi bandla esikhulu sathi akasho inkinga yakhe.
Ngingumuntu ogulayo. Ukugula kwami kuhambisana namadlozi. Ngakho-ke ngahamba ngaya kumthandazeli loyo ongelaphayo. Kunesidingo manje sokuthi ngihlabe imbuzi ukuze ngilalise abaphansi. Ngakho-ke ngeciki eledlule ngahlela umsebenzi loyo okwakuzohlatshwa kuwo imbuzi. Ngangiphise utshwala balowo msebenzi. Ngasulubezana thile lobu tshwala babungalungile ngeSonto ngenkathi kumele kwenziwe lo msebenzi. Lo mseebnzi wawozokwenziwa kithi hhayi kwami. Umyeni wami wayengekho ngenkathi siyokhuluma nabaphansi. Wafika emini ngase ngimtshela ukuthi naye aye lapho sasiphahlele khona ayokhuluma nabo wathi uzokuya esikhathini esizayo. Loku akuzange kwenzeke kodwa angizange ngikhathazeke. Wahlala nathi isikhashana wase uyahamba. Ngosuku olulandelayo wafika nomyeni kadadewethu. Ngenkathi efika kwakusele indoda eyodwa ihleli nathi iphuza utshwala. Ngenkathi efika wsibingelela wase efuna ukwazi ukuthi ngubani le ndoda. Mina ngathi: "Ushiye abantu bephuza lapha izolo manje usubuya namahlanje uzobuza ukuthi bangobani. Laba yibo laba Bantu esibamemele ukuthi bazokuba nathi edilini lethu." Umyeni wami wathukuthela. Waqala qangibamba ngezimpahla wangisa phambili nasemuva. Ngamsunduzela ekamelweni likadadewethu ngase ngibaleka. Ngaya endlini yami lapho ngangizimiosele ukutshela ingane yethu endala ngokuziphatha kukayise. Okubi ukuthi umfana wami wayengekho elele entombini yakhe lapho ayejwayele ukulala khona. Kodwa ngatshela amanye madodana ami amabili ngalolu daba. Ngalal ekhaya kwaze kwaba ngakusasa, ngase ngihamba ukuyofuna indodana yami ngamxoxela ngokuziphatha kukayise kwangayizolo. Umfana wami waphakamisa ukuthi siyobona ukuthi uyise usele kanjani nokuthi kwenzaleni emva kokuhamba kwami. Saphindela emuva. Sathi uma sigfika lapho samyhola eshise zonke izimpahla zami ezazisewodilophini wase ethatha notshwala ebugcobisa lonke ibonda. Yingakho ngilapha ukuzokhalaza.
Ngalesi sikhathi umphathi mabandla wazisa okhalazayo ukuthi uzobhekana naleli cala wambuza nokuthi uqinisekile ukuthi ukusho konke akade efuna ukusho. Ummangali waphendula ngo-yebo. Umgcinishlalo Webandla oyinhloko ukuthi akasoze avunyelwa ukuba afake ezinye izindaba. Ummangali wavuma ukuthi kunjalo. Umphathi bandla oyinhloko wayalela ummangalelwa ukuba asukume. Wambuza ukuthi uyakuqonda ukukhalaza okufakwe ngaye. Ummangalelwa wavuma ukuthi uyezwa. Umphathibandla wokuqala waqhubeka necala. Umphathi bandla wamcela ukuba aphendule kuloku okushiwo ngumkakhe.
Ngiyavuma ukuthi wayenomsebenzi ophathelene nokugula kwakhe lapho okwahlatshwa khona imbuzi. Inkinga yami ukuthi usehlala kubo lapho etshela abantu ukuthi yena useyinyanga nangaphambi kokuthi aqede ukwelashwa. Indlela efanele ukuthi yena aqede ukwelashwa kuqala bese mina ngizokuza lapha ebukhosini naye ukuthi ngizonazisa ukuthi ukuthi manje useyinyanga. Kunokuthi alandela indlela efanele, useqala ukusebenza ngezobunyanga ngokwakhe, loku ukwenzela kubo ukuze kuthi noma yini akutholayo kuzuzwe ngumndeni wakhe. Yiko kuphela engingakusho.
Umphathi bandla wokuqala waphazamisa ngokuthi akusiko loko kuphela afuna ukukusho ngoba ummangali ukhulume ngokushiswa kwezimpahla zakhe nezinye izinto.
Leyo ngxenye sixoxisane ngayo ekhaya futhi ngase ngilucelile uxolo. Futhi ngethembisile futhi ngisethembisa ukuthi ngizakumthengela zonke izimpahla engizishisile noma ngizikhokhele. Uma sikhuluma ngokulwa ngaloluya suku nguyena owashaya umsibali wakhe ngesandla esivulekile kabili. Uyabona wamshaya nakaqeda wasebaleka. Kungenkathi ehambile wabuya ngosuku olulandelayo.
Kuleli phuzu umphathi bandla wokuqala wazisa abantu ukuthi ufakazi (usisi wommangali) uzawubizwa ukuzotshela inkantolo ukuthi wabonani ngosuku oluphathekayo ngaphambi kokuba inkantolo ibuze abathintekayo imibuzo. Ufakazi wayesenyamalele nemizamo yokumfuna ngaphandle kwendlu yenkantolo ayaba yimpumelelo. Kulesi sigaba umphathi bandla wavuma ukuqhubeka necala, isinyathelo esilandelayo kwakuyithuba lamalungu ebandla lokubuza imibuzo.
Umb: Wena nomyeni wakho niyavuma ukuthi naninomsebenzi futhi imbuzi yahlatshwa ngaleyo nhloso. Yayivelaphi leyo mbuzi?
Imp: Mina nendodana yami encane sayithenga.
Umb: Wayekuphi umyeni wakho ngoba kuyamangaza ukuthi kwaba yindodana yakho encane eyafanele ukuthenga imbuzi yomsebenzi?
Umgcinisihlalo webandla watshela ummangali ukuthi angahlala phansi. Wase ecela ummangalelwa ukuthi asukume wamtshela ukuthi achazele inkantolo ukuthi kungani kwafanela ukuthi indodana yakhe bathenge imbuzi. Ummangalelwa waphendula loku ngokuthi wayazi ukuthi indodana yakhe yiyona ethenge imbuzi kodwa loku kungenxa yokuthi ngenkathi unkosikazi wakhe (ummangali) emcela ukuthi athenge imbuzi wayengenamali. Njengoba unkosikazi wakhe nendodana babenemali ngaleso sikhathi bathatha isinqumo sokuyithenga. Kodwa wagcizelela ukuthi loku kwenziwa ngezibusiso ayebanikeze zona. Umgcinisihlalo walayela ukuthi ummangalelwa ahlale phansi wase ecela ukuthi ummangali asukume.
Umb: Uyazi yini ukuthi uma kukhona ukuxabana komndeni kumele uyobika kubantu abahlala eduzane nawe?
Umb: Kungani ungayanga ukuyobikela omunye umuntu ngokwenziwa ngumyeni wakho?
Umb: Azange yini u-Sinah aphindele nawe emuva ukuthi niyobona ukuthi kwenzekani kumyeni wakho Ukuzama ukuyothola ukuthi inkinga yakhe yini?
Imp: Cha. Bonke bakhathele nguye akusiko okokuqala engishaya. Noyisekazi sewukhathele nguye ngaba ngihlala njalo ngikhalaza ngaye. Nezingane zethu zikhathele ngale ndoda. Nale nkantolo iyazi ukuthi akusiko okokuqala siza lapha. Ubaba ohleli laphaya uyazi naye ngaoba ezikhathini ezingi wayemtshela umyeni wami ukuthi angangihluphi. Manje ngikhathele futhi uma ngifuna ukukhuluma iqiniso ukuthi isizathu sangempela esingilethe lapha ukuthi ngifuna inkantolo isehlukanise ukuze ngiphile ngokukhululeka. Senginezingane ezikhulile nezizukulwane. Angikwazi ukuvumela umyeni wami aqhubeke angihlukumeze ngale ndlela.
Umgcinisihlalo weziphathi bandla wabonisa ukuthi uzonikeza amanye amalungu ebandla ithuba lokuqhubeka abuze imibuzo. Umphathi bandla oyinhloko wangenela wathi ucabanga ukluthi lengxoxo iyazungeza ngoba manje ummangali usesishilo isifiso sakhe. " Uma ukhamba seluphukile awukwazi ukulubumba futhi uphumelele". Kwaba khona ukuvumelana kulo mbono ngaphakathi kwamalungu ebandla. Emva kokuqinisekisa nommangali ukuthi ulucabangisise kahle lolu daba nokuthi uqinisekile ukuthi ufuna umshado wabo upheliswe, umphathi bandla oyinhloko - ngokuthunyezelwa ngumgcinisihlalo - wabuza ummangalelwa ukuthi uzwile yini ukuthi ummangali uthini nokuthio uma kunjalo yena uthini. Ummangalelwa wathi yena akanankinga yokuthi bahlukane. Umphumela waleli cala ukuthi inkantolo yathumela umuntu ngamunye ukuthi aye emndenini wakhe owawuvumelene ngomnshado ekuqaleni, ukuthi ubhekane nalolu daba. Laba abntu belulekwa ukuba babuye enkantolo yesintu uma ngabe lolu daba lwalungaxazululiwe ukuthi baneliseke.
